Abahlali Bakhala Ngokushiywa Ngaphandle Ekwakhelweni Izindlu

Written by on 1 September, 2022

By: Dawud Phungula

Abahlali basemjondolo Kajika Joe, ePietermaritzburg, enkabeni yesifundazwe saKwaZulu-Natal sebesabise ngokumisa nse ukusebenza edolobheni uma uMasipala uqhubeka nokufaka abantu ezindlini ezintsha bengakazitholi ezabo.

Labahlali bakhala ngokuthi sekunabantu abathole izingcingo nemiqhafazo yokuba bakhokhe imali ethize ukuze bezongena kulezindlu ezintsha.

Bathi labo abangakulungele ukuhlomula kuloluhlelo babethenjiswe uMaspala noNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, ukuthi bazokwakhelwa imixhaso bese bonke bengena ezindlini umkanye.

UZodwa Ngcobo ongusihlalo wabahlali basemjondolo uyachaza.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti ihovisi likangqongqoshe belingakaphawuli ngaloludaba.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background