I-SANAC Ikhuthaza Omama Abazithwele Ukuthi Bavikele Abantwana Babo
Written by Mduduzi Phungula on 8 December, 2022
By: Nompendulo Ngubane
I-South African National Aids Council ithi ikhona imishanguzo engasetshenziswa ukuvimba ukuthi omama abakhulelwe bangadluliseli i-HIV kubantwana abangakazalwa uma bekhulelwe ngaphandle kokuthi bavalwe inzalo.
I-SANAC ithi ikhathazekile ngokuthi abantu besifazane abanesandulela ngculazi baye baphoqwe kwezinye izibhedlela ukuthi bavalwe inzalo ngoba kusuke kuvikelwa ukuthi igciwane lingadluleli enganeni.
USihlalo we-SANAC uSteve Letsike uthi lokhu kwephula ilungelo lomuntu lokuphila.
ULetsike uthi ikhona imishanguzo esetshenziswayo. Ukuvalwa kwenzalo kubantu besifazane ngoba bephoqwa kuyinto engavumelekile kanti sebebe nazo lezi zingxoxo izikhathi eziningi bezwakalisa ukungenami ngalesi senzo njengenhlangano.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.