14 Killed In N3 Horror Accident

Written by on 10 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

Abantu abangu 14 sebefe ujuqu, ngenkathi kushayisana amaloli amabili netekisi emgwaqeni onguthelawayeka N3 ngaphandle kwase-Estcourt maphakathi nesfundazwe.

Kulaba abashonile kubalwa abesifazane abangu 13 nowesilisa oyedwa.

Lenhlekelele ishiye umuntu oyedwa elwela impilo yakhe, njengoba okhulumela izimo eziphuthumayo u-Robert McKenzie uthi lo oyedwa osindile uyaqhubeka nokuxilongwa esibhedlela.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Imigwaqo emikhulukazi KwaZulu Natal, isivamile ukuba nezingozi ezinyantisa igazi, njengoba ngenyanga edlule kushone abantu abangu 13 engozini yetekisi eyehla kwaNongoma enyakatho yesifundazwe.

Kanti ngo September kwashona abanye aba futhi abangu 13 eUnderburg maphakathi neKZN.

Ungqonqgoshwe wezokuThutha eKZN u-Bheki Ntuli, uti ukhathazekile ngezinga lezingozi emgwaqeni yakulesifundazwe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Usetshele izindaba zeGagasiFM ukuthi basazohlanganyela nezinkampani ezimaloli ahamba kuyoyonke iKZN, ukuzama ukuthola isisombululo ngalesi sihlava sezingozi ezidlula nemiphefumulo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background