25% Yabazomela i-ANC Okhethweni Abantu Abasha

Written by on 22 September, 2021

By: Lindelani Mbatha

Usekela Nobhala Jikelele weANC uJessie Duarte uthi ingxenye elinganiselwa ku-25% yohlu lwabantu abazomela lenhlangano njengamakhansela abawahambise kwa-IEC abantu abasha.

U-Duarte ubethulela abezindaba umbiko wokuqinisekisa ukuthi uhlu lwamagama abantu okumele bangenele ukhetho ayathunyelwa.

Lenhlangano ithi ihambise wonke amagama ngaphambi kwesikhathi ebebebekelwe sona.

Phambilini yahluleka ukuqinisekisa ukuthi amagama ayahanjiswa ngaphambi komqamlajugu wangenyanga eyedlule.

Uthi uhlelo labo lokuqoka abazobamela komasipala luhlelekile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background