Sekuvele Elika Van Rooyen Kwikhomishana KaZondo
Written by Mfundo on 4 March, 2021
By: Zilungile Mkhize
Owayeyisikhulu esiphezulu enkampanini iTrillian, uBianca Goodson, uthi umeluleki kaDes van Rooyen, waqokelwa kulesikhundla ngoba wayenobudlelwano obuqinile noSalim Essa, owayeyincelebane yabakwa Gupta.
uGoodson usho kanjena ethula ubufakazi bakhe kukhomishana ephenya nge State Capture, nehlezi eGoli.
Uthi wazi izinyanga ezimbili ngaphambi kokuba uBobat aqokelwe esikhundleni esisha, yize ayengazi ukuthi uthi uyaphi, kodwa wayesezwile ukuthi uzothola amadlelo aluhlaza.
Uqhuba ngokuthi bobabili laba mabe sebeqashwa emnyangweni wezokubusa ngokubambisana, nokuyilapho amathenda ayephuma elandelana eya kwa Trillian.
uGoodson uthi nangesikhathi uVan Rooyen eseqokwa ngowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma njengo ngqongqoshe wezezimali ngo 2015, wahamba naye uBobat, yize bahlala izinsukwana kulomnyango.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.