uMboweni Uthi Akalubhadi Emkhankasweni Wokhetho
Written by Mfundo on 3 May, 2021
By: Lindelani Mbatha
Ilunga lesigungu esiphezulu seANC, uTito Mboweni, seliveze ukuthi ngeke lizibandakanye nemikhankaso yalenhlangano yokhetho lohulumeni basekhaya.
iNingizimu Africa kulindeleke ukuthi ibambe lolukhetho ngo-October 27.
uMboweni nonguNgqongqoshe wezezimali usegxeke isinqumo sikahulumeni sokuqhubeka nalolukhetho njengoba umhlaba wonke ulwa nokubhebhetheka kobhubhane lweCOVID 19.
Umengameli uCyril Ramaphosa umemezele ngenyanga eyedlule ukuthi nakanjani lolukhetho luzoqhubeka njengoba kuhleliwe.
Kubekuningi ukuphawula njengoba amanye amaqembu ezepolitiki afana neEFF esigxekile lesisinqumo, kodwa amanye afana neIFP asamukele.
uMboweni ubhale ekhasini lakhe lakuTwitter, nalapho ekhwele wadilika kulabo abathathe lesisinqumo, nathe akudingi nokuthi ube nguqweqwe kwezemfundo ukuze ubone ubungozi bokuhlanganyela ndawonye, ukuqhuba imikhankaso yezepolitiki kanjalo nalabo abazobe bebambe imiqga emide yokuvota.
You don’t need a PhD to see the dangers of gatherings, election rallies, door to door campaigning and voting lines. Postpone this thing and save lives!! The world won’t end!! I am not attending any rally or any face to face meeting. Thank you.
— Tito Mboweni (@tito_mboweni) May 2, 2021
Uthi konke lokhu kuzoba nomthelela omkhulu ekubhebhethekiseni iCOVID 19, ekubeka kucace ukuthi lolukhetho kumele luhlehliswe, ngoba akusikho ukuthi umhlaba uyagcina kulonyaka.
Umboweni uthi akazukuyingena yena yonke lendaba yokhetho.