Bavela Enkantolo Abasolwa Ngokubulala ePhoenix
Written by Mfundo on 26 July, 2021
By: Zilungile Mkhize & Lindelani Mbatha
Abasolwa abangu-7 bavela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, enyakatho neTheku namuhla, mayelana namacala okubulala okusolwa ukuthi enzeka ePhoenix ngesikhathi kunodlame olusanda kuba khona KwaZulu-Natal.
Amaphoyisa athi abanye balaba kusolakala ukuthi bathinteka emacaleni angaphezu kwelilodwa okubulala,
Okhulumela amaphoyisa, uBrenda Mdluli, uthi abanye kulaba babhekane namacala ahlobene nokuzama ukubulala, ukulimaza impahla nengqalasizinda emphakathini, kanye nokushaya indiva ukusebenza komthetho.
U-Mdluli uthi njengoba besaqhubeka nokuphenya, bakhona nabanye abasazoboshwa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Usezwakalise ukukhathazeka ngendlela abantu abasebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana ukusabalalisa imniningwane engelona iqiniso.
U-Mdluli uthi ukufafaza amanga kunobungozi bokususa udlame, ikakhulu kulo loludaba lwasePhoenix njengoba bebaningi abantu abasathunukala ngalo.
BUKELA: Amalungu e-ANC NYTT kanye nawe EFF ngaphandle kwenkantolo yeMantshi eVerulam.