Abafelokazi Bakhala ngo-SARS

Written by on 10 March, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Inhlangano yabafelokazi Inselelo Widows Voice isinxuse uhulumeni ukuthi angenelele ezinkingeni ethi ibhekene nazo mayelana nokuqoqwa kwentela.

Laba bafelokazi babe yingxenye yemashi eMgungundlovu ebanjwe imifelandawonye emele abasebenzi iNEHAWU kanye ne COSATU, ababe nemashi bavala imigwaqo behambisa uhlu lwezikhalo kungqongqoshe wezezimali uNomusa Dube-Ncube ngaphambi kokuthi athule inkulumo yakhe yesabelo mali yesifundazwe eRoyal Showgrounds.

Laba besifazane bathi ukubanjwa kwentela kubona kumba eqolo njengoba kuze kubanjwe ngisho emalini leyo abayishiyelwa ngabayeni babo asebashona, nokugcina sekubashiya nezikweletu ezinkulu.

Baqhuba ngokuthi ziningi izinkinga ababhekene nazo ezidinga ukuthi kube ngu hulumeni ozoba yizwi labo.

Benikeza uNgqongqoshe uDube Ncube uhlu lwezikhalo zabo basho basho kanje.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background