Abafundi Babanjwe Beshisa Isikole

Written by on 6 September, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Abafundi baka Matric besikole samabanga aphezulu, iGeorgetown eDambuza eMgungundlovu, bathi bakhathazekile ngesigameko sokushiswa kwesikole sabo.

Ukusha kwalesisikole kwenzeke ngoMgqibelo, lapho kushe ingxenye yesakhiwo saso nesishiye kudaleke omkhulu umonakalo.

I-Georgetown singesinye sezikole esigqamile edolobheni iPietermaritzburg, ngenxa yokuphumelela ngamalengiso kwabafundi baka matric iminyaka ilandelana kusukela ngonyaka ka-2016.

Bekhuluma nezindaba ze Gagasi FM abafundi bathi lesi senzo sibi kakhulu kanti futhi sibaphazamisile, nosekwenze ukuthi kumiswe izifundo ezingeziwe zabafundi bebanga leshumi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uthishanhloko wakulesikole uSimon Mahlaba, useveze ukuthi umonakalo odalwe ukusha uzobiza imali engango R100 000 ukusilungisa.

Intatheli yezindaba ze-Gagasi FM, uNompendulo Ngubane uxoxisane noMahlaba kanye nelungu lesigungu (SGB), balesisikole.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background