Abafundi Baso-Ngoye Sebevuke Umbhejazane Ngenxa Yobugebengu

Written by on 15 March, 2022

By: Bongani Gina

Abafundi besikhungo i-University of Zululand oNgoye ngaphandle kwaseMpangeni, banxusa ukuba ungqongqoshe womnyango wemfundo esemazingeni aphakeme angenelele enkingeni yobugebengu osebudlule nemphefumulo.

Laba bafundi abaqashe ezindaweni ezakhelene nalesi sikhungo eDlangezwa, bakhala ngezigebengu nokuhlasela kwazo osekuyinsakavukela umchilo wesidwaba.

Laba bafundi base-University of Zululand kumanje bayabhikisha ngoba bekhala ngokuzizwela bengavikelekile nhlobo.

Abakhala ngakho kakhulu ngukushoda kwezindawo zokuhlala abafundi ngaphakathi esikhungweni njengoba begcina bephoqeleka ukuba begcine sebeqashe emiqashweni eyakhelene nalesi sikhungo.

Bathi kulezi zindawo abaphephile nhlobo njengoba bengenelwa zigebengu bukhoma ziphindelela.

Kubikwa ukuthi lezi zigebengu ezisuke zihlome ziyingovolo sezinukubeze abanye balaba bafundi besifazane ngokocansi, kwesinye isigameko kubikwa ukuthi sezibulale abafundi ababili.

Isikhungo besingakatholakali ukuphawula ngaloludaba olusaqhubeka.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background