Abafundi Sebezobuyela Ngokuphelele Ezikoleni

Written by on 6 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezemfundo emabangeni ayisisekelo uAngie Motshekga uthi kusukela namhlanje, zonke izikole zibuyela ekufundeni ngendlela eyejwayelekile.

U-Motshekga umemezele lokhu kwisithangami sabezindaba, lapho ebechaza khona ngezinhlelo zomnyango wakhe zokwamukela bonke abafundi esikoleni.

Ukufunda ngaphandle kokuphazamiseka, selokhu kwagcina ukubonakala eminyakeni emibili edlule, 2020, nokuyinto uMotshekga athi ikuphazamise kakhulu ukusebenza kothisha nokufunda kwabantwana.

Uthi iCOVID-19 yigciwane elikhona emhlabeni jikelele, ekumele wonke umuntu azifundise ukuphila nalo ngendlela ephephile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background