Abahlala Emgaqweni Abayizwa Eyokuvota
Written by Mfundo on 1 November, 2021
By: Sphelele Nzuza
Abangenamakhaya nasebehlala emgwaqeni enkabeni yeTheku bathi sebelilahlile ithemba kuhulumeni futhi abasiboni ngisho nesidingo sokuvota.
Namuhla ezweni lonke kuqhubeka ukhetho lohulumeni basekhaya, kanti wonke umuntu onomazisi olubhalisele ukhetho esebenzisa ikheli abuye afihle kulo ikhanda unelungelo lokuvota.
Abantu asebephenduke ondinga sithebeni ngenxa yezinkinga ezahlukene nesezabalahlekisela ngamakhaya abo bayokhosela kuma Shelter, bathi ayikho into abayenzelwa nguhulumeni.
Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM bathi sebake bavota phambilini, kodwa namanje impilo yabo isafana.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.