Abahlali bathi banethemba lokuthi izinqumo zenkomfa zizolandelwa
Written by Lethiwe Mdluli on 14 February, 2019
By: Lindelani Mbatha
Umengameli wabahlali basemjondolo, uSbu Zikode, uthi unethemba lokuthi izinqumo ezithathwe kwingqungquthela yokwenza ngcono impilo yabantu abahlala emjondolo zizolandelwa.
uZikode uphawule kanje njengoba umnyango wezokuhlaliswa kwabantu esifundazweni, umkhandlu weTheku kanye nabahlali basemjondolo bebebambe ingqungquthela yezinsuku ezimbili yokudingida izindlela abangasebenzisana ngayo.
Uthi kulengqungquthela kuvunyelwene ukuthi yonke imijondolo kumele ihlinzekwe ngezinsiza okufaka phakathi ugesi, amanzi kanye nemigwaqo.
“Isifundazwe sakwaZulu Natal kuphela ebesingakaze sizame uphumelelisa loluhlelo leNational Housing Policy, yokwena izindlu eziyimjondolo ngcono. Sijabule kakhulu manje njengoba sekukhona ushintsho njengoba uhulumeni wakulesifundazwe ebambisene nomkhandlu weTheku bevume ukuthi imjondolo yamukelekile. Inkinga ebikhona ukuthi besingekho lesivumelwano obekudala izinkinga uma silwela izidingo. Sijabulile ngoba manje sebeyavuma ukuthi imijondolo ikhona okuzokwenza ukuthi basize abantu abahlala khona.
Listen below: