Abahlengikazi abangaqashiwe bafuna ukungena ezibhedlela

Written by on 11 November, 2019

Izinkulungwane zabahlengikazi abangaqashiwe ziyamasha enkabeni yedolobha iMaritzburg, zibheke emahhovisi omnyango wezempilo.

Lamahlengikazi bakhala ngokunganakwa yilomnyango, abathi ushaya indiva izikhalo zawo nezifiso zokuqashwa ngokuphelele.

Bathi owayengungongqoshe wezempilo kulesifundazwe, uSbongiseni Dhlomo, wabathembisa ukuthi bazoqashwa kancane kancane minyaka yonke, kodwa uze waphuma engakwenzaka lokhu.

Laba sebetshele izindaba zeGagasiFM ukuthi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi belinde ukusebenza.

Listen here:

https://iono.fm/e/773440

Khonamanjalo unobhala wenyunyana iPeople’s Revolutionary Movement kulesifundazwe, uBongisnkosi Ngiba, uthi beze kulemashi ukuzokweseka labahlengikazi kulomkhankaso wabo.

Listen here:

https://iono.fm/e/773442

Umnyango wezempilo ubungakaphawuli ngalezikhalo.

 

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background