Abaholi Bamasonto Bathi Bazoyishaya Indiva Imigomo Kathaqa

Written by on 2 July, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Abaholi bamabandla ahlukene bashaya phansi ngonyawo bathi abahambisani nemigomo ebekiwe yokuvalwa kwezwe ngaphansi kuka Level 4.

Lesisigaba semigomo sithi yonke imibuthano, eyePolitiki, eyobumnandi, amasonto noma imicimbi yokugcina amasiko eheha izinkumbi zabantu ayivumelekile.

Izikole nezinye izikhungo zemfundo nazo sezivaliwe ngenhloso yokwehlisa izinga lokusabalala kwezibalo ze-Coronavirus.

Omunye wabaholi bamabandla eWestern Cape uMo Afrika wa Maila, uthi inkulu indima edlalwa amabandla ekulapheni imephefumulo yabantu kanye nengqondo, njengoba bebhekene nokucindezeleka okuza nalolubhubhane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background