Abaholi Bendabuko Abayizwa Eyezinkantolo

Written by on 4 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inhlangano yabaholi bendabuko, i-Contralesa, ithi akunakukwazi ukuthi kukhethwe ubuholi bakwaZulu ngezinkantolo.

Umengameli walenhlangano, uKgosi Mokoena, uthi njengamanje into edingekayo ukuthi iNdlunkulu ibe nokuthula, ibambisane, futhi ixoxisane njengomndeni.

UMokoena uphawula kanje njengoba kuqhubeka umdonsiswano ebukhosini bakwaZulu mayelana nencwadi yamafa eSilo, kanye nozongena esihlalweni sokuhola isizwe.

Konke lokhu kwenzeka nje, iNdlovukazi uMantombi uMadlamini-Zulu obeyibamba bukhosi, akakafihlwa nokufinhlwa kulandela ukugula okugcine kumenele esibhedlela esiseGoli.

uMokoena usebeke kanje,

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background