Abahwebi Bamankwebevu Bacela Ushwele Kuhulumeni

Written by on 24 November, 2021

By: Zilungile Mkhize

Abadayisi botshwala kuleli sebenxuse uhulumeni ukuthi angathathi ngamawala uma ususukumela ukubhebhetheka kwe COVID-19 ngamandla, okulindeleke ngesikhathi samaholidi ka December kuya kuJanuary.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule uMengameli uCyril Ramaphosa wamemezela izinhlelo zikahulumeni zokuqinisa imigomo yokuvalwa kwezwe ngaso lesikhathi samaholidi, nokwaholela
ekuvalweni kokudayiswa kotshwala, imicimbi emikhulukazi, kanjalo nemibuthano yezobumnandi.

Lokhu kwaholela ekutheni abadayisi botshwala balahlakelwe inzuzo eningi kakhulu abebebheke ukuthi bazoyenza ngalesikhathi,  njengoba kwaba nzima ukusebenza kubo unyaka wonke ka-2020.

Usihlalo we National Liquor Traders’ Council uLucky Ntimane uthi zikhona izindlela uhulumeni angazisebenzisa ezingagwema ukuvalwa kwamabhizinisi abo.

Uthi banakho ukwesaba ukuthi singase sibekhona isinqumo sokuvala utshwala.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background