Abajiki Abafuna Kwengezwe Amahora Okufunda Ezikoleni
Written by Mfundo on 14 February, 2022
By: Lindelani Mbatha
I-Democratic Alliance (DA) isiphakamise ukuthi umnyango wezemfundo eyisisekelo wengeze ngehora elilodwa kulawo achithwa ngabafundi esikoleni.
Izikole eziningi kulelizwe ziqala ukufunda ngo half past 7 ekuseni kuye ku-2 noma u-3 ntambama.
Leliqembu lithi ziningi kakhulu izinhlelo zokufunda ezilahlekile njengoba izwe libhekene neCOVID-19.
Kusukela iCOVID-19 yabheduka kuleli ngo-2020, lokho kwaphoqa uhulumeni ukuba aguqule indlela yokufunda okufakaphakathi nokushintsha kwezikhathi.
Kwesinye isikhathi abafundi bebeya esikoleni izinsuku ezimbili kuya kwezintathu ngesonto, lokho okusho ukuthi bebeya izinsuku eziphakathi kuka-8 kuya ku-12 ngenyanga.
Lenhlangano ithi ucwaningo lwayo luveza ukuthi abafundi balahlekelwe yisikhathi esingango 50% sokufunda.
Obhekelele ezemfundo kuDA ephalamende uBaxolile Nodada uthi kungakuhle ukuthi umnyango uthole othisha asebethathe umhlalaphansi ukuba banikeze abafundi ama extra classes.