Abakhulelwe Sebezokwazi Ukugomela iCOVID-19
Written by Mfundo on 30 April, 2021
By: Zilungile Mkhize
Isikhungo esilawula ukusetshenziswa kwemishanguza kuleli i-SAHPRA, sithi omama abazithwele kanye nalabo abancelisayo, ngeke besashiywa ngaphandle ohlelweni lokugoma ngomgomo wakwaJohnson & Johnson, wokuvikela iCOVID-19.
Lesikhungo sithi okwamanje kungagonywa labo abasengcupheni yokungenwa yileligciwane ngenxa yomsebenzi wabo nezindawo abakuzo.
Kuzokhumbuleka ukuthi umnyango wezempilo wakhipha umyalelo wokuthi abantu abakhulelwe, abancelisayo kanye nezingane ezisanda kuzalwa bangalinge bagonywe kuze kube kutholakala isiqiniseko sokuthi lomgomo ukulungele lokho futhi uphephile.
I-SAHPRA ithi bonke omama abazogonywa, bazothola ukwelulekwa okufanele mayelana nalemigomo yeCOVID-19.
Lesikhungo sithi okubalulekile njengamanje ukuthi loluhlelo lwenziwe ngaphansi kweso elibukhali labasebenzi bezempilo abanolwazi mayelana nabazithwele kanye nabancelisayo.
Isigaba sesibili sokugomela lolubhubhane kulindeleke siqale ngomhlaka 17 May size siyophothulwa ngo ekupheleni kuka October 2021.