Abakwa sdlodlo e-kzn bathi bayaqhubeka nokukhuculula izigelekeqe emiphakathini.

Written by on 19 November, 2024

By: Pamella Majola

Amaphoyisa aseKZN athi ayaqhubeka nokukhuculula izinswelaboya eziwuhlupho emiphakathini.

Loku njengoba abasolwa ababili basale enkundleni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ku-Old Mtubatuba Road Empangeni ogwini oluseNyakatho yesifundazwe.

Laba bebefunwa amaphoyisa ngezinsolo zokubandakanyeka emacaleni okubulala.

Amaphoyisa athi uphenyo olwandulele luveze ukuthi imoto etholwe kulabasolwa yayebiwe ngesikhathi kugqekezwa emzini thizeni KwaMsane ngolwesihlanu olwedlule.

Kwesinye isigameko, abanye abasolwa abane bakhalele ngamasongo kasigonyela ngezinsolo zokugqekeza ezindaweni ezahlukene nokubalwa kuzo KwaMsane, kaHlabisa, eMtubatuba, Empangeni, eRichards Bay kanye naseSikhaleni.

Labasolwa ababalelwa eminyakeni engu 30 kuya kwengu 39 ubudala, bazovela phambi kwematshi yaseMpangeni kusasa ngoLwesithathu ngamacala okugqekeza kanye nezibhamu ezingekho semthethweni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background