Abakwasdlodlo bathungatha owesimame ohhushule imibungu yamawele.

Written by on 11 December, 2024

By: Zilungile Mkhize

Amaphoyisa aseqale uphenyo lokuthungatha owesifazane ohushule isisu kulandela ukutholakala kwemibungu obekuyizingane ezingamawele endlini thizeni ku Monty Naicker Road ngase South Beach eThekwini.

Lezingane ezizalwe isikhathi singakashayi zitholakale zilahlwe endlini yangasese kuwo lomuzi.

Abezimo eziphuthumayo ababizelwe endaweni yesigameko, bathi belungekho usizo abebesangazinika lona ukuze ziphile.

Okhulumela abosizo lokuqala kwa ALS Paramedics, uGarath Jamieson usenxuse abesifazane abadinga usizo ukuthi bangakhethi ukuzikhiphela bona izisu kodwa balandele imigudu efanele.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background