Abalaphi Bendabuko Basika Elijikayo NgoZuma

Written by on 26 May, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Amalungu ahlukene avela ohlangathini lwezendabuko nawo ayingxenye yabantu abazokweseka owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, namhlanje enkantolo ephakeme eMgungundlovu.

UZuma ubhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushintshisisana ngemali, kanjalo nokungabi qotho ngesikhathi kuthengwa lezikhali zempi.

Ngaphakathi enkantolo, uZuma usezwakalise ukuthi uyawaphika wonke lamacala abekwe wona, efuna nokuthi kususwe umshushisi omkhulu wombuso uBilly Downer.

Omama abengabelaphi bendabuko bathi ukuba khona kwabo njengabantu abahambele inkantolo kungukuveza ukuthi bangemumva kwakhe uZuma futhi bayameseka.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background