Abalimi Bazohlomula Ngoxhaso Luka Hulumeni

Written by on 7 December, 2020

By: Zilungile Mkhize

Umnyango wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, usukhiphe u 1billion wamarandi, ozolekelela abalimi abatshalela ukondla imindeni yabo badayise nasezimakethe zangakubo.

Uthi kusuka ngomhlaka 10 kuya ku 12 December, bonke labalimi bangakwazi ukubhalisela loluxhaso oluqhamuka ohlelweni i-Presidential Employment Stimulus initiative.

Abalimi abancane abangu 75-thousand, okungama subsistance farmers, kulindeleke bahlomule kuloluhlelo ngama voucher ango R1000 kuya ku 9000 wamarandi.

Ungqongqoshe walomnyango uThoko Didiza, uthi loluhlelo luzosiza kakhulu labobalimi abaphazamiseka ekukhiqizeni ngenxa yeCovid-19 nokuvalwa kwezwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background