Abalimi sebenikele ngezinkomo kwabahlwempu khona bezothola inyama
Written by Lethiwe Mdluli on 22 May, 2020
USihlalo wenhlangano yabalimi kulesifundazwe, i-African Farmers Association in South Africa, uJabulani Mthembu, uthi nabo njengabalimi babone kuyinto enhle ukuthi balule isandla emindenini eswele ngokuthi banikele ngezinkomo ezingu 23 ezizohlinzwa.
uMthembu uthi inyama ezotholakala kulezinkomo izonikelwa kubantu njengoba iningi lixakekile ngenxa yekubhebhetheka kwe coronavirus kuleli.
Lenhhlangano i-AFASA, isebenzisana neminyango kahulumeni okubalwa weZolimo nawo osunikele ngezinkomo ezingu 40 ezizonikezwa abantu ukuthi baziphilise.
Ekhuluma ekolishi i-Cedara ngaphandle kwase Maritzburg ngesikhathi lolu hlelo luthulwa ngokusemthethweni uMthembu uthi bathemba ukuthi lokhu kuzosiza.
Listen here:
<iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/DrxQxpNV9NQq3p&podcast_id=9d86e341-f795-4aa2-b5ea-6825261fa330″ width=28% height=200px frameborder><a>Podcast stream by Fabrik.fm</a></iframe>
By: Nompendulo Ngubane