Abalwisana Nombuso Wami Kumele Bamukele Ukuthi Ngiyingonyama YamaZulu- Isilo Misuzulu KaZwelithini
Written by Mfundo on 19 September, 2022
By: Lindelani Mbatha
Isilo samabandla wonke, uMisuzulu KaZwelithini sithi kuyadabukisa ukuthi kukhona abasaphika namanje ukuthi nguye umholi wesizwe samaZulu.
Ungangezwelakhe ubethula inkulumo yakhe ayibhekise ezintombini ebezihambele Umkhosi Womhlanga eNyokeni, kwaNongoma enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Zingaphezu kuka-10 000 izimbali zezwe ebezithamele lenqophamlando.
[PICS] Maidens are making their way to The Royal Palace where they will meet Isilo Misuzulu KaZwelithini. #Enyokeni pic.twitter.com/qeFH39wKm5
— Gagasi FM News (@GagasiFMNews) September 17, 2022
Umtwana uSmakade kanye namanye amalunga asendlunkulu ayakuphika ukuthi uMisuzulu kaZwelithini uyinkosi yamaZulu.
Isilo sithi labo abaphikayo kuyofanele bazehlise bavume ukuthi uyisilo sabo nabo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.