Abama-Metre Taxi Bathi Abayingeni Eyesiteleka

Written by on 22 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inhlangano emele ama Metre taxi, iDurban Metro Meter Taxi, ithi yona kuyayisiza ukusebenzisana nohulumeni ukubhekana nezinkinga abahlangabezana nazo kulomsebenzi wabo.

Abanikazi bezimoto ezithutha abagibeli,i-e-hailing,  bangenele isitelaka bekhala ngokungalawulwa kwalemboni nguhulumeni.

Bathi izinkampani abasebenzisana nazo okuyi-Uber, iBolt kanye ne-InDrive bayazenzela nje kungaxhunyanangwa nabo.

Lezinkampani zafika kuleli zabadlisela ogageni abanikazi bamaMeter Taxi, abalahlekalwa ngamakhasimende njengoba babekhala ngokumba eqolo.

Usihlalo weDurban Metro Meter Taxi uSizwe Mvubu uthi njengoba bengasiyona ingxenye yesiteleka sama e-hailing, basebenza ngokwejwayelekile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background