Abamabhizinisi Bayamukela Ngezandla Ezimhlophe Eyokugoma Okuyimpoqo
Written by Mfundo on 30 November, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inhlangano yosomabhizinisi iBusiness for South Africa, ithi baseseka ngokuphelele isiphakamiso sokuthi kube yimpoqo ukugomela iCOVID-19 ezindaweni zokusebenzela.
Ithi lokhu kuzolekelela ekutheni kwehle izinga lokubhebhetheka kwaleligciwane.
Okhulumela iB4SA uMartin Kingston, uthi umangase iqiniswe imikhankaso yokugoma ngempoqo, kungakhuthaza labo abangakawutholi ngisho nowokuqala umgomo weCOVID-19 ukuthi bayozigomela bona.
Uhulumeni uselihlanganisinile ithimba elizobhekelela umsebenzi wokuphenya kabanzi ngokogoma okuphoqelekile.
U-Kingston uthi ngaphandle kokugoma lelizwe lizolokhu libhekene nenkinga yokungayi phambili ngenxa yokuvalwa njalo makunyuka izibalo zokusabalala kwalo.
Khonamanjalo, omunye oyilungu lalenhlangano uCas Coovadia uthi lesinqumo sisazohlangabezana nengcindezi enkulu futhi kukhona nabazosiphikisa ezinkantolo.