Abamakhaza Bakhala Ngezidumbu
Written by Mfundo on 18 March, 2022
By: Sthulile Mdletshe
Usihlalo weNational Funeral Practitioners Association (NFPA) uMuzi Hlengwa uthi babhekene nenkinga enkulu njengoba sekuqale umkhuba omusha wokutshonsthwa kwezidumbu emakhazeni.
U-Hlengwa uthi lokhu kudalwa abantu abathatha imishwalensi ngamaphepha angeko emthethweni, balinde kuvuthwe imali, bese beyontshontsha izidumbu emakhazeni ngoba befuna ukukhokhelwa lemali imishuwalense.
Uqhuba ngokuthi iningi livamise ukweba izidumbu esezihlale isikhathi eside zingenamuntu emakhazeni.
U-Hlengwa usenxuse uhulumeni ukuthi angenelele kuloludaba, ethi seluphenduke inkinga enkulu njengoba izigebengu zisebenzisana nomnyango wezasekhaya ukwenza lokhu kukhishwe namaphepha afanele.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.