Abammeli Baka-Pistorius Bathi Sekwanele Ngesigwebo

Written by on 9 March, 2022

By: Bright Ntuli

Abammeli bombulali uOscar Pistorius, bathi bakhathazekile ngokugqoza kohlelo lokukhishwa kwekhasimende labo ejele ngoshwele.

Lomgijimi wasuswa ejele elise Pitoli ngoNovember ngonyaka owedlule wayiswa kwelase Gqebehra eEastern Cape ngemizamo yokumsondeza nomndeni wesisulu sakhe uReeva Steenkamp, ukuze ezokwazi ukuzicelela uxolo nakuwo.

U-Pistorius wagixabezwa ngesigwebo seminyaka engu-6 ebhadla ejele ngo 2016 ngemva kokulahlwa yicala lokubulala ngephutha uSteenkamp, owayeyintombi yakhe ngo February 2013.

Lesigwebo sabuye sabuyekezwa ngemva kokuthi umndeni kaSteenkamp usidlulisele enkantolo yokudluliswa kwamacala, ukhala ngokuthi asisifanele isenzo sakhe, wabe esegwetshwa iminyaka engu-13 ngecala lokubulala yize ayeliphika.

Ngokomthetho wakuleli isiboshwa singakwazi ukudedelwa ejele ngoshwele ngemva kokuthi sidonse uhhafu wesigwebo saso, ngokulandela imibandela ethile yomnyango wezokuhlunyeliswa kwezimilo nekubalwa kuyo ukuxolisa emndenini wesisulu.

Ekhuluma ne eNCA ummeli ka-Pistorius, uJulian Knight, uthi ikhasimende lakhe sekumele liwuthole manje ushwele, eqhuba ngokuthi okudlula la sekuzomele baludlulisele enkantolo loludaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background