Abammeli bakaZuma bathi sebekulungele ukuqula icala
Written by Lethiwe Mdluli on 21 April, 2020
Inhlangano iJacob Zuma foundation, ithi sekuyiskhathi sokuthi izwe lazi ngecala lika lowo owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, iArms deal.
Lelicala sekuphele iminyaka engaphezu kuka 16 lisezithebeni zenkantolo kanti bekulindeleke ukuthi liqhubeke ngomhlaka 6 enyangeni ezayo.
Kulelicala elenzeka ngo 1999 uZuma usolwa ngokuhlomula intshontsho, ngesikhathi iNingizimu Africa ithenga izikhali eFrance.
uZuma ngempelasonto uxoshe loyo obengummeli wakhe, uDaniel Mantsha, waqoka uqweqwe lommeli, uEric Mabuza.
Osengummeli kaZuma uMabuza usho kanje:
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
UMabuza uqhuba ngokuthi ikhasimende lakhe selijahe ukuthi icala lalo liqulwe ligoqwe.
Uthi akakholwa ukuthi ukuqokwa kwakhe yingoba uZuma ebefuna ukudonsa lelicala esinye isikhathi ebhaca ngokufuna ummeli kodwa uthi ikhasimende lakhe liyalazi uhlobo lommeli obelul’dinga.
Listen here:
By: Sanelisiwe Dlangamandla & Lindelani Mbatha