Abangcwabi Balwisana Nokugoqwa Kwezidumbu Namabhokisi NgoPlasiki

Written by on 28 January, 2021

By: Zilungile Mkhize

Inhlangano yabangcwabi i-Nafupa SA, ithi uNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize kuzofanele akhiphe umyalelo ogunyaza ukuthi kuyekwe ukugoqwa kwezidumbu kanye namabhokisi omngcwamo abantu abashone ngenxa yeCOVID-19, ngo plastiki.

Lenhlangano isho kanjena nje, iKomidi eliluleka oNgqongqoshe mayelana nezinto ezithinta leligciwane nalo seliphakamise okufanayo kuMkhize, lithi abukho ubufakazi obukhomba ukuthi isidumbu siyakwazi ukudlulisa leligciwane.

Okunye okushiwo iNafupa ne nalelikomidi labaluleki, ukuthi lokhu kwenziwa uma umuntu ebulewe yisifo iEbola, okwavela ukuthi iyakwazi ukuphila ngisho nakumuntu oseshonile..

Umengameli weNafupa SA uMuzi Hlengwa uthi babe nomhlangano nomnyango wezempilo lapho bevumelane khona ngezinto eziningi ezihlukene ezizokwenza umehluko endleni ekungcwatshwa ngayo selokhu kwaqubuka i-COVID-19 kulelizwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background