Abangenawo Amaphepha Okuba Kuleli Kumele Bahambe- Mantashe

Written by on 4 August, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ungqongqoshe wezamandla kanye nezimbiwa phansi uGwede Mantashe uthi akukho okubi ngokuthi abaholi be-African National Congress (ANC) nabo babhikishe eKrugersdop lapho kuxoshwa khona abantu bokufika abangenazo izincwadi.

UMantashe uphawule kanje ngoba sekushone umuntu kulombhikisho oqhubekayo kuleyandawo esesifundazweni saseGauteng.

Lemibhikisho iqale izolo iholwa ilunga lesigungu esiphezulu se-ANC uNomvula Monkonyane kanye neskhulumi se-ANC uPule Mabe.

Abahlali base Krugersdop bavuke umbhejazane kulandela ukuthi kunukubezwe amantombazane awu8 ngesonto eledlule kwantshontshwa nezimpahla zabantu abebeqopha nabo ivideo.

Abezindaba sebebuze uMantashe ukuthi kungani i-ANC nayo ibhikisha kulendawo njengoba kuyiyona ekuhulumeni ekufanele ngabe yenza imithetho evimbela abokufika abangagunyaziwe ukuba bambe idiyimani.

Ephendula lombuzo uMantashe ubeke kanje.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background