Abantu Abahlale Emakhaya – Dlamini-Zuma

Written by on 29 June, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kazwelonke, uNkosazane Dlamini-Zuma, uthi imicimbi ehlanganisa abantu evumelekile imigcwabo kuphela.

U-Dlamini-Zuma usho kanje ecacisa ngemigomo eyengeziwe njengoba izwe selibuyiselwe ku-level 4 kathaqa.

Uthi nayo imigcwabo igunyazwe isibalo sabantu abangu 50 kuphela, nakhona ungahlali isikhathi esingaphezulu kwama hora amabili.

Imicimbi yezemidlalo ingaqhubeka, kepha azikho izibukeli ezivunyelwe.

Uqhuba ngokuthi ukufaka isifundazwe saseGauteng sodwa ngaphansi kwa level-4, bekungeke kwenze mehluko.

Emhaoreni angu-24 asedlulile, iNingizimu Afrika isiqophe abantu abangu 12 222 abahaqwe ileli gciwane, kanti iGauteng kusayiyona ehamba aphambili ngo 69% walababantu.

UDlamini-Zuma uthi kunzima kakhulu njengoba lelizwe selihlaselwe yi-Delta, okuwuhlobo lweCoronavirus olunzima futhi olaqala ukutholakala eNdiya, eselikhona ezifundazweni ezingu-5 kuleli.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background