Abantu Abaningi Sebeqoke Ukuzongela Imali
Written by Mfundo on 19 January, 2023
By: Pamella Majola
Ucwaningo olusha, nolukhishwe ngabakwa Trans-Union, seliveze ukuthi abantu abaningi kulelizwe sebelehlisile izinga lokungcebeleka, ngenxa yezizathu ezahlukene.
Lenhlangano ithi izinkinga eziningi ezigubezele iNingizimu Africa, ukubiza kakhulu komnotho wakuleli kanjalo nokuntuleka kwemisebenzi, sekuholele ekutheni abantu baqele usiko lokubeka imali ukuze benze izinto abazibona zibaluleke kakhulu kubo.
Okhulumela iTrans-Union, uWeihan Sun uthi loku kwaqala ngenkathi abantu abaningi belahlekelwa imsebenzi yabo ngesikhathi sokubheduka kweCovid 19, ngo 2020.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/YP0N5qRDY6Z2vK&podcast_id=afc55bd4-27ec-4069-afe9-0b3616d8f10e” width=”100%” height=”200″]