Abantu Abayeke Ukuhubhuza Amanga Ngomgomo – MEC Simelane

Written by on 16 September, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal uNomagugu Simelane uthi abantu abayeke ukubhebhethekisa imniningwane engelona iqiniso ngomgomo weCOVID-19.

U-Simelane ubeyignxenye yenkulumo mpikiswano esishayamthetho eMkhanyakude, enyakatho yesifundazwe.

Phambilini umengameli uCyril Ramaphoisa naye wakhala ngokubhebhethekiswa kolwazi olungamampunge, kulandela ukusabalala kokuthi umgomo walolubhubhane unobusathane, futhi mawusugome ngawo uhlala izinyanga eziwu-6 bese uyadlula emhlabeni.

Kwaphinde kwasabalala nokuthi leligciwane lidalwe ukufika kwe 5G emhlabeni jikelele.

U-Simelane uthi lomgomo awunalutho, kuphela uyavikelana ekutheni umuntu angaguli kakhulu uma kwenzeka ephathwa wukhuvethe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background