Abantu Abayilandi Imali Yabo -SASSA

Written by on 11 April, 2022

By: Sthulile Mdletshe

I-South African Social Security Agency (SASSA) ithi bangaphezulu kuka 40 000 abantu ababhalisela imali yesibonelelo sika R350, namanje abangakayilandi.

Ngaphambili lesi skhungo sezibonelelo zikahulumeni sike sexwayisa ukuthi izimali ezingalandiwe zizophindela emuva kumnyango ka Mgcinimafa kazwelonke

Ukuholwa kwalemali kwaqala ngoMeyi 2020, kulandela ukubheduka kobhubhane i-Covid 19 , nakhona lemali yayihlose ukuhlinzekela labo abakhahlemezekile ngaphansi kwalesi simo.

Okhulumela lesi sikhungo u-Paseka Letsatsi uthi kulabo abangakayilandi imali yabo kuzomele baye eposini eliseduze baphathe umazisi ukuhola le mali.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background