Abantu Bakuleli Bazoqhubeka Nokuthemba i-ANC – Mabuza

Written by on 14 October, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Usekela mengameli weANC uDavid Mabuza uthi iANC izowashaya emakhanda wonke amanye amaqembu ezepolitiki okhethweni lohulumeni basekhaya.

U-Mabuza ubehambele eQwaqwa esifundazweni saseFree State, nalapho behambisana khona nezikhulu zeANC kulesifundazwe.

Uthi imikhankaso yamanye amaqembu iyafana nje nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba abantu bakuleli bazoqhubeka nokwethemba iANC.

Usenxenxe izakhamuzi ukuba zigonyuluke ngezinto ezinganeme ngazo nezizidinga kwiANC.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background