Abantu Banxuswa Ukuthi Bavikele Ukusabalala Kwecholera

Written by on 26 July, 2023

By: Sthulile Mdletshe

UMnyango wezeMpilo usuphinde wanxusa imiphakathi ukuthi ihlale iqaphile futhi igcine izinga eliphezulu lokuhlanzeka ukugwema isifo seCholera.

Lokhu kulandela abantu abangu-10, baseGauteng abatholakala nesifo seCholera kuleli nesiqale ukuhlasela ngoFebhuwari kuwo lonyaka.

Umbiko wakamuva wesikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo uveze ukuthi siyanyuka lesi sibalo njengoba kutholakale umlisa obevela ezweni lase-Pakistani enaso lesi sifo.

Izigameko zabahaqwe yisifo sohudo eziningi ziqhamuka ezifundeni ezimbili esifundazweni iGauteng, okuyisedolobheni iGoli, bese kuba ise-Kurhuleni.

Phini likaNgqongqoshe Wezempilo Sibongiseni Dhlomo usekhuthaze ukuthi abantu baqinisekise ukuthi baphuze amanzi ahlanzekile nezindawo abadlela kuzona azinawo amagciwane ukugwema ukubheduke kwesifo sohudo icholera.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background