Abantu Basengaphoqwa Ukufaka Izifonyo – Huna

Written by on 4 July, 2022

By: Bright Ntuli

Umnyango wezabasebenzi uthi nakuba sekuvumelekile ukuthi abantu bangabe besazigqoka izifonyo, kodwa abaqashi banalo ilungelo lokuphoqa abasebenzi babo ukuthi baqhubeke nokuzigqoka emsebenzini.

Ngenyanga eyedlule uhulumeni wakuleli umemezele ukuxegiswa noma ukuhoxiswa kwemigomo lelizwe ebese liphile ngaphansi kwayo iminyaka emibili ukunqanda ukubhebhetheka kwe Covid-19.

Uhulumeni wathatha lesnqumo kulandela ukwehla kwesbalo sabatheleleka nababulawa yilesifo kanye nokwanda kwamathuba okusinda kulabo abathelelekayo.

Ekhuluma ne Newzroom Africa oyiskhulu somnyango wezabasebenzi kuleli uBulelwa Huna uthi uma abaqashi bebona ubungozi bokuthi abasebenzi bengase  bathelelane nge Covid-19 basengakwazi ukuthi babaphoqe ukuthi bagqoke izifonyo emsebenzini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background