Abantu bezizwe ezinomnotho ongenzi kahle basemathubeni amakhulu okuphathwa yisifo senhliziyo

Written by on 13 March, 2020

Uthi bewazi ukuthi abantu bakuleli basemathubeni amaningi okushaywa yisifo senhliziyo kanye nesohlangothi ngenxa yesimo esingesihle somnotho.

Lokhu kuvezwe ucwaningo olwenziwe yiskhungo semfundo ephakeme iHavard University eMelika.

Leskhungo sesithole nokuthi izizwe ezinomnotho ongenzi kahle zinamathuba amakhulu okuphathwa yilezifo.

Oyiskhulumi senkampani yezocwaningo iPharma Dynamics, uNicole Jennings, uthi ukufadabala komnotho wakuleli kufaka nengcindezi ezigidini zabantu bakuleli abaswele imisebenzi nabahlwempu.

Listen here:

https://iono.fm/e/830442

By: Gagasi FM News

Tagged as

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background