Abantu Sebengaqala Ukubhalisela Ukugoma

Written by on 3 February, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umnyango wezwempilo kuzwelonke, sowethule ngokusemthethweni uhlelo lwezobuchwepheshe lwa Online lokubhalisela ukugomela iCOVID-19,

Okwamanje loluhlelo lusabhekiswe kubasebenzi bezempilo, njengoba kuyibo ababekwe phambili ekutheni bathole lomgomo iAstraZeneca ngaphambi kwawowobke umuntu kulelizwe.

Umnyango uthi ekuhambeni kwesikhathi luzovuleleka kubobonke abantu.

Uthi ukusebenzisa ezobuchwepheshe kuzokwenza umsebenzi wabo ubelula kakhulu, njengoba umuntu ezokwazi ukubhalisa esebenzisa umakhalekhukhwini wakhe noma iComputer ukuthola isikhathi nosuku ongagonywa ngalo.

UNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize, usenxuse abezempilo abanesifiso sokuyogoma ukuba babhilise.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background