Abaphathi Abasha Kwi-ANC
Written by Mfundo on 21 February, 2022
By: Bongani Gina
I-ANC KwaZulu-Natal ithi kukhulu ukuhlaseleka ebhekene nakho njengoba zilokhu ziya ngokwanda izinkinga ebhekene nazo.
Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe yilenhlangano ikhala ngokuthi kukhona asebethole indlela yokungena ekhasini layo laku-Facebook, baligwamanda bakhipha abasebenzi balenhlangano abebelingamele lelikhasi.
Lelikhasi le -ANC eli-hackiwe linabantu abalilandelayo abangaphezulu kuka 70 000 kanti yilona i-ANC evamise ukulisebenzisa ukusakaza izinkulumo zabaholi besifundazwe kanye nemibuthano yenhlangano.
Okhulumela i-AMC kulesifundazwe, uNhlakanipho Ntombela uthi kumanje bawaphuciwe amandla okulilawula njengoba kukhona abangene kulo ngokungemthetho bakhipha abebeqashelwe ukulilawula.
Ngaphandle kwalesi sigameko, uNtombela uthi sekuboshwe umlisa ogasele emmahovisi alenhlangano esifundazwe, kuStarlwart Simelane Street eThekwini.
Kubikwa ukuthi lo mlisa ongaziwa uthathe isitini wasakaza izicabha zengilazi zamahhovisi enhlangano.
Kanti lo mlisa ube esebanjwa ngonogada ababize amaphoyisa, zamkhalela.