Abasebenzi Abangabhekelelwa Bavuke Umbhejazana

Written by on 25 May, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Abasebenzi benkampani iTruda eyenza ama chips eMkhondeni, eMgungundlovu, sebebeke phansi amathuluzi bekhala ngezimo ezingezinhle abathi basebesenza ngaphansi kwazo.

Labasebenzi asebebambe imibhikisho bathi sebesebenze ngaphansi kwalezimo iminyaka ngeminyaka, bekhala kodwa izikhalo zabo zishaywa indiva.

Phakathi kwezinto abakhala ngazo kubalwa ukucwaswa ngokwebala ngabaphathi, ukuhlukunyezwa kanye nokungabhekelelwa uma belimele, yize besebenzisa imishini eyingozi.

Izindaba ze-Gagasi FM sezibabonile nabaneminwe eyizinqundu, abathi yanqamuka khona la emsebenzini ngesikhathi besebenzisa lemishini

uNompendulo Ngubane uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

BUKELA: Abasebenzi bakwaTruda ngaphandle kwenkampani eMgungundlovu bezwakalisa izikhalo zabo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background