Abasebenzi Abayizwa Eyokudayiswa Kwesikhungo Semikhumbi SaseThekwini

Written by on 15 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

Inyunyana yabasebenzi bezokuthutha iSouth African Transport and Allied Workers Union (SATAWU) ithi ikhathazekile ukuthi uhulumeni uhlela ukuthengisa isikhungo semikhumbi iTransnet Durban Port, esizinze eThekwini.

Lenyunyana ibiqhuba imibhikisho ngaphandle kwalapho abaphathi balesisikhungo behlangene khona nomengameli uCyril Ramaphosa.

uRamaphosa, uNgqongqoshe wezokuthutha, uFikile Mbalula kanye noNgqongqoshe obhekelele amabhizinisi kahulumeni uPravin Gordhan, bahambele kulesisifundazwe ukuzohlola ukusebenza kwalesisikhungo.

Unobhalala jikelele walenyunyana, uJack Mazibuko, uthi angeke bakuvumele ukuthi zonke izikhungo nezinkampani zikahulumeni zinikezwe izinkampani ezizimele.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanajalo oyisikhulu esiphezulu eTransnet Durban Port uMoshe Motlohi uthi abanazo izinhlelo zokudayisa lesisikhungo.

Uthi abakwenzayo ukuhlela kabusha lenkampani ukuze izokwandisa amathuba emisebenzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background