Abasebenzi Bakahulumeni Abasiwo Amavolontiya – COSATU
Written by Mfundo on 29 March, 2021
By: Lindelani Mbatha
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, i-COSATU, uthi akekho umsebenzi kahulumeni uzosebenza kodwa imali yakhe ayiholayo engagculisekile ngayo.
Lomfelandawonye uphawula emvakokuba ungqongqoshe wabasebenzi bakahulumeni, uSenzo Mchunu, ekhuluma emhlanganweni iMaster Class, lapho athi abasebenzi akumele bahole kakhulu ukuze bezokwenza umsebenzi wabo ngendlela.
uMchunu uphawula kanjena vele kusanezinxushunxushu phakathi kwezinyunyana zabasebenzi nohulumeni, ngenxa yesivumelwano sokunyusela abasebenzi imiholo esasayindwa ngo-2018.
Uhulumeni uthi akanayo imali yokunyusela abasebenzi imiholo.
Oyisikhulumi seCOSATU, uSizwe Pamla, uthi akekho umsebenzi okumele asebenze engathi uyavolontiya, ekubeni yena uMchunu ehola inqwaba yemali.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.