Abasebenzi be-ANC Basakhala Ngamaholo Namanje
Written by Mfundo on 22 November, 2021
By: Sthulile Mdletshe
I-ANC ithi izinkinga ebhekene nazo zezimali neseziholele ekutheni kuphele isikhathi abasebenzi bayo bengaholile, zidalwe ukungalutholi uxhaso olwanele lwezimali.
Sekuphele izinyanga ezintathu abasebenzi balenhlangano bengayitholile imiholo yabo, nosekwenze kube nzima ukubhekelela imindeni yabo nezinye izidingo abanazo empilweni njengoba besebenza nje.
Okhulumela iANC kuzwelonke uPule Mabe uthi inhlangano ayinqambi amanga uma ithi imali ayikho. Uthi ngeke bayekelele abasebenzi babo bengaholile uma kuwukuthi izinto zibahambela kahle.
Abasebenzi sebekhale ngokushaywa indiva iANC, besola ukuthi abaholi abaphezulu bona bayayithola imali kodwa abasebenzi bashiywa ngaphandle.
U-Mabe uthi inhlangano idonsa kanzima okwamanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, omele abasebenzi uMandla Qwane uthi azikho izimfuno zabo ezisafezwe ilomqashi osekuholele ekutheni abasebenzi bajoyine inyunyane.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.