Abasebenzi sebenxuswe ukuthi babike uma besetshenziswa ngenkani
Written by Lethiwe Mdluli on 1 April, 2020
Umnyango wezokuthuthukiswa komnotho kulesfundazwe uthi amabhizinisi aqhubekayo nokungayilandeli imiyalelo kamengameli ehambisana nokuvalwa kwezwe izinsuku ezingu 21, abeka engcupheni impilo yabasebenzi bawo kanye nemindeni yabo.
Lesexwayiso silandela ukugasela kwezikhulu zalomnyango kulesifundazwe, amaphoyisa kanye nabasebenzi emnyangweni wakwa Labour, emahhovisi enkampani yezokuxhumana iCall Centre International SA eMhlanga enyakatho yeTheku.
Lenkampani nezinye ezingama call centre ziyaqhubeka nokusebenzisa abasebenzi bagcwale emahhovisi babe ngaphezu kuka 100 nokuyinto eyavalwa njengoba kubheduke icoronavirus.
Kanti ungqongqoshe obhekelele ezemisebenzi kuleli, uThulas Nxesi, uthi abasebenzi mababize amaphoyisa uma abaqashi bebaphoqa ukusebenza ekubeni bengahlinzeki izwe ngomsebenzi oyisdingo.
Listen here:
https://iono.fm/e/839384
By: Zilungile Mkhize