Abashayeli Bamatekisi Bamise Ukusebenza Ngenxa Yama-Phemithi
Written by Mfundo on 22 April, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Abashayeli bamatekisi baseThekwini bathi sebevele bakhetha ukumisa ukusebenza namhlanje ngoba uMasipala walelidolobha uthatha izimoto zabo.
Njengamanje awekho amatekisi ahambayo kuMngeni , South Beach, North Beach kanye nezinye izindawo ezisenkabeni yeTheku kanti lawo alayishe abantu ngenkani ayathululwa ngase Durban Christian Centre.
Okhulumela abashayeli, uYusuf Khalif, usethsele izindaba zeGagasi FM ukuthi amaphoyisa kaMetro athatha zonke izimoto ezihambayo azifune amaphemithi ezingenawo.
uKhalif uthi okubadidayo ukuthi umasipala yiwo ongabanikezi lamaphemithi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, amaphoyisa kaMasipala weTheku athi asebophe abashayeli bamatekisi abangu-4 namhlanje, abangenawo amaphemithi okusebenza kulelidolobha.
Okhulumela lamaphoyisa, uPaboo Sewpersad, uthi bawuqale kulelisonto lomkhankaso okwimanje abawuqhubayo enkabeni yeTheku.
Abashayeli sebeze banquma ukumisa ukusebenza namhlnaje ngenxa yalokhu, abakubiza ngokuhlukunyezwa.
uSewpersad uyenaba,
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.