Abatshali Zimali Sebethelekile e-KZN
Written by Mfundo on 24 March, 2022
By: Alex Mthiyane
UNdunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala uthi ukuvulwa kwezwe kanye nokuxegiswa kwemigomo elawula iCovid-19, kuzovula izimboni ezintsha ezizodala amathuba emisebenzi kubantu bakules’fundazwe.
Ethula inkulumo yakhe yokwamukela izithunywa ezihambele ingqungquthela yezokutshalwa kwezimali, eqala namhlanje eThekwini, uZikalala uthi inqwaba yentsha engasebenzi izosizakala ngokuvuleka kwezimboni.
Isifundazwe iKwaZulu Natal, sesihlonzwe njengesibalulekile ekuletheni izivakashi nosomabhinizini abaletha imikhiqizo ehambisana nokudla oku-halaal.
U-Zikalala uthi ukuvulwa kwezwe kuzovula umthamo wamabhizinisi amaningi omhlaba asekhombise izifiso zokusebenzela iKZN.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
UNdunankulu uqhuba ngokuthi ukuvulwa kwezwe kanye nokuxegiswa kwemigomo elawula iCovid-19, kuzovula izimboni ezintsha ezizodala amathuba emisebenzi kubantu bakules’fundazwe.
Uthi inqwaba yentsha engasebenzi izosizakala ngokuvuleka kwezimboni.