Abayingeni Eyesiteleka Abamatekisi
Written by Mfundo on 23 August, 2022
By: Lindelani Mbatha
Inhlangano yamatekisi esifundazweni saKwaZulu-Natal i-South African National Taxi Council (SANTACO), ithi phansi amaphaphu ngoba yona angeke ibe ingxenye yesiteleka esizokwenzeka kusasa.
Imifelandawonye yezinyunyana zabasebenzi i-Congress of South African Trade Unions (COSATU) kanye ne-South African Federation of Trade Unions (SAFTU), zimemezele ukuthi zizongenela ukhukhulela ngoqo wesiteleka ukukhala ngokunyuka kwezinga lempilo.
Lokhu kufaka phakathi ukunyuka kuka-petrol okwabonakala kwenzeka ngamandla ngenyanga eyedlule, nokuholele ekutheni kunyuke nokudla ezitolo, kanye nokunyuka kwesibalo sabantu abangasebenzi kuleli.
Ongoti bezomnotho baqagula ukuthi lizonyuka futhi izinga labantu abangasebenzi.
Oyisikhulu esiphezulu kuSantaco, uSifiso Shangase, uthi uma lemboni ishintsha umqondo bazowazisa ngokushesha umphakathi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.